Umhlaka 16 kuZibandlela , usuku okwalwa ngalo iMpi yaseNcome .

Namuhla kugutshwa usuku okwalwa ngalo iMpi yaseNcome , okuyimpi eyalwa ngomhlaka 16 Zibandlela (Disemba)1838 . Le Mpi yayiphakathi kwamaBhunu ka Ngalonkulu (Andries Pretorious) kanye noZulu ngaphansi kweSilo uDingane ka Senzangakhona. Imbangela yale Mpi kwaba ukubulawa komunye wabaholi bamaBhunu uPiet Ritief owabulawa ngamaButho eSilo uDingane mhlaka 6 kuNhlolanja (Feblwali) ngawo unyaka ka 1838 .UPiet nabangane bakhe babulawa ngamaButho eSilo uDingane ngemuva kokubhadanywa kwabo ngoGqayinyanga beSilo uDingane bezama ukukaka iSigodlo seSilo uDingane uMgungundlovu . Ihlukene imibono mayelana nowadla umhlanganiso kuleMpi yaseNcome. OSomlando bamaBhunu bathi amaBhunu yiwona anqoba kulempi .Baqhubeka bathi namanzi omfula iNcome aze aguquka umbala aba bomvu tebhu ephendulwa yingazi lamaButho kaZulu. Kanti ngasohlangothini lwamaZulu kukhona oSomlando abathi uZulu wanqoba kulempi , kanti kukhona nabanye abathi qha, kwanqoba wona  amaBhunu. UPiet kwaqanjwa ngaye iDolobha lasePiet Ritief , elaziwa namuhla ngokuthi kuseMkhondo. *UHulumeni waseNingizimu Afrika wathatha isinqumo sokuluhlonipha lolu suku lwanamuhla (lwangomhlaka 16 Zibandlela) ulwenze iHolidi. Lubizwa ngokuthi yi-Reconciliation Day , noma Day of Reconciliation. Lokhu kuchaza ukuthelelana amanzi.  Lolu suku ngaphambilini lwalubizwa ngokuthi yi-Dingane’s Day. Kwahamba kwahamba lwashintshwa igama lwabizwa ngegama olubizwa ngalo namuhla. IMpi yaseNcome yalendelwa yiMpi yaseMaqongqo  eyalwa ngowe 1840 . Yona yayiphakathi kweSilo uDingane kanye noMntwana uMpande okuthiwa wayelekelelwa yiwona amaBhunu. UMntwana uMpande wawudla umhlanganiso kulempi, wahlala kanjalo esihlalweni sobukhosi bukaZulu. Impi yoMntwana uMpande yayiholwa yiNduna yakhe uNongalaza ka Nondela Mnyandu , eyeSilo uDingane yayiholwa uNdunankulu uNdlela ka Sompisi Ntuli esizana neSekela lakhe uNzobo ka Sobadli Ntombela .

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *