UZuma uthi i-ANC yamxosha ngenkathi ethi uzama ukuphucula impilo yabansundu

NgeSonto eledlule mhlaka 15 kuZibandlela (Disemba)  iNhlangano yoMkhonto weSizwe ibikade igubha unyaka owodwa  yasungulwa .Izinkumbi nezinkumbi zabantu bezibuthene enkundleni iMoses Mabhida eThekwini. ISikhulumi esikhulu kuloMcimbi kube yena uMengameni wayo , uMnu Gedleyihlekisa Zuma, owake waba uMengameni wezwe futhi ewuMengameni we-ANC . Enkulumeni yakhe uZuma uveze ukuthi i-ANC yamxosha esathi uzama ukuphucula impilo yabasundu. Uveze ukuthi ngenkathi i-ANC ithatha amandla ngo1994 kuningi eyakuthembisa abantu abansundu , kodwa okuningi kwalokho akukaze kwenziwe njengoba sekuphele iminyaka engama 30 kwangena uHulumeni wentando yeningi. Enkulumeni yakhe uZuma uveze ukuthi wake wazama ukuphucula impilo yabamnyama. Uthi kwathi ngenkathi esesheshisa izinhlelo zokuthuthukisa abantu abansundu wajikelwa yiNhlangano yakhe i-ANC yathi makashenxe esikhundleni. Uqhubeke waveza nokuthi wajikelwa waze wajikelwa ngisho nangaMakomanisi imbala. UZuma uchaze nangakubize ngama-Commisions , athe kwakuwuphenyo lapho kwakuboshwa khona amaLungu kaKhongolose anganecala , kodwa lawo anamacala angaboshwa. Uthinte nokuthi uNgqongqoshe weZwe(uMengameli weZwe) unenqwaba yamacala kodwa akakaze aboshwe.Uthinte nokuthi kukhona amaLungu kaKhongolose atholakala nezimali zigcwele oBhasikidi kodwa lawo maLungu awakaze ashushiswe. UZuma uphinde wanxusa abantu abamnyama ukuba bahlangane babe yiMbumba uma sekuyiwa oKhethweni oluzayo.Uthi oKhethweni oluzayo kumele bathole akubize nge 2thirds majority. INkundla i-Moses Mabhida ibigcwele ichichima abantu bengangezimpethu zeNdlovu .Bekukhona ngisho noSaziwayo esingabala kubo uSihle Sibisi noJub Jub beMoja Love , sibale uSibonile Ngubane odlala kuMkhokha kanye nabanye.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *