UPercy Tau usethelekile kwelaMasulumane

UbenguMdlali we-Al Ahly yaseGibhithe u-Percy Tau usethelekile ezweni laseQatar i-Qatar SC FC . Ngokwemibiko yabezindaba uTau utheleke izolo ekuseni kuleli qembu , kanti khona izolo ubonakale ezilolonga yedwa kwazise akavumelekile ukuba abe kanye nabanye abadlali ngesizathu sokuthi akakabhaliswa ngokusemthethweni. Leli qembu iQatar  lilungiselela umdlalo walo  omkhulu wangoLwesihlanu kusihlwa elizowudlala neAl Nasr kwiQatar -UAE Super Cup.Kulindeleke ukuba uTau abe yingxenye yalo mdlalo kwazise uze kuleli zwe ethwelwe ngeQoma.  Kubikwa ukuthi uTau uthengwe ngemali elinganiselwa ku-R8million esuka kwi-Al Ahly yaseGibhithe lapho okubikwa ukuthi ubengasanambitheki kuMqeqeshi wayo uMarcel Koller . UTau wafika kuleli qembu laseGibhithe ngo2021 esayiniswa ngowabe enguMqeqeshi walo uPitso Mosimane . UTau usayine iNkontileka yezinyanga eziyisithupha(six months)kwiQatar SC- kanti kulindeleke ukuba ayitakule njengoba ivika izembe endaweni yeshumi nanye (11) kwiLigi enamaqembu ayishumi nambili(12) . Kubikwa ukuthi kule Nkontileka kaTau kukhona nesivumelwano sokuthi iqembu lakhe linegunya lokwengeza eminye iminyaka emibili uma kuphela lezi nyanga eziyisithupha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *