Ngokombiko weSabc Sport uChristian Saile ongumgadli weKaizer Chiefs ukhonjwa kwiChippa United. Lo mgadli wasayiniswa esuka eqenjini laseZambia i-Nchana Rangers eminyekeni emibili edlule , wadlala imidlalo engama 49 , wavalela amaGoli ayisithupha. Ngaphansi koMqeqeshi u-Nasreddine Nabi lo mgadli usadlale imidlalo eyisithupha kuphela. I-Chippa United isemkhankasweni wokuqinisa iqembu layo kuleli Windi likaJanuwari , isanda kusayinisa uKermit Erasmus osayine njengomdlali ongenalo iqembu (Free Agent) . Ngokusho kweSabc Sport kuthiwa izingxoxo phakathi kwalama qembu sezifinyelele kuVuthondaba , kubikwa kuthi noma kunini kusuka manje iChippa ingase imemezele uSaile njengomdali wayo omusha. Ukudedelwa kukaSaile kuyoyisiza kakhulu i-Kaizer Chiefs ekuphunguleni isibalo sayo sabadali bokufika. I-Sabc Sport iphinde yabika ukuthi iKaizer Chiefs nayo isisondele esivumelwaneni nePolokwane City ukuba isayinise umgadli u-Oswin Appollis obuye agijime nakwiBafana Bafana . Uma uSaile ephumelela ukuya eGqeberha uyofike acijwe abaQeqeshi abaqeqesha ngokubambisana , oMabhuti Khanyeza kanye noThabo September. Lezi nsizwa zathatha lesi sihlalo kulandela ukukhonjwa indlela kukaKwanele Kopo owabe enguMqeqeshi ngaphambilini.
Ukhonjwa kwiChippa United umgadli weKaizer Chiefs