Kubikwa ukuthi uMshayeli wemoto ethutha uNgqongqoshe uVelenkosini Hlabisa ushone engozini yemoto izolo emini yantambana , ngezithuba zama-16.30pm . Kuthiwa le ngozi yenzeke ku-N2 buqamama neDolobha lakwaDukuza (eStanger) .Lezi zindaba ziqinisekiswe nguMkhulumeli weIFP u-Mnu Mkhuleko Hlengwa okuqinisekisile ukuthi uMshayeli ubeyedwa emotweni. Uthi imbangela yengozi ayikakaziwa okwamanje . EsiStatimendeni sakhe uMfoka Hlengwa uveze nokuthi uMnu Hlabisa uzifikele qathatha emndeni woMshayeli wakhe , eyobhonga emswaneni. Usuku lokubekwa koMshayeli ka Ngotsha alukakabekwa . UMnu Hlabisa unguNgqongqoshe weZindaba zoMdabu ( Traditional Affairs Minister ) ngaphansi kukaHulumeni woBumbano oholwa uMengameli uCyril Ramaphosa.
UMshayeli kaNgqonggoshe u-Hlabisa ushone engozini yeMoto.