Kubikwa ukuthi abadlali beRoyal AM batelekile kulandela ukungaholi kwabo enyangeni kaZibandlela (Disemba) .Ukuteleka kwabo kuphazamise nomdlalo wabo neChippa United obekufanele udlalwe ngoMsombuluko ebusuku kodwa wagcina uhlehlisiwe. Kuvela ukuthi i-Royal AM ixhumane neSAFA yacela ukuba kuhlehle lo mdlalo ngenxa yalesi Siteleka ebesivele sesiqalile. Leli qembu laseMgungundlovu liphethwe uNkosikazi Shawn Mkhize obhekene nenkinga enkulu yokukweleta abakwaSARS izindodla zezimali ezilinganiselwa ku-R40 million . Kanti futhi leli qembu lisahamba izinkantolo ngecala elithinta owake waba umdali walo u-Samir Nurkovic manje osegijima kwiSupersport United .Lo mdlali osewalwedlulisela kwiFIFA udaba lwakhe , ukhala ngokuthi leli qembu limkweleta imali engango R15 million .Uma i-Royal AM itholakala inecala kulolu daba luka-Nurvovic izopoqeleka ukuba imkhokhele u-Nurkovic lowo R15 million , kungenjalo izobhekana nesigwebo esake sabhekana neKaizer Chiefs sokungasayinisi abadlali okwesikhathi esingango nyaka . Izolo uNkosikazi Shawn Mkhize ukhiphe iSitatimende eKhasini leqembu lakhe likaFacebook ekuqinisekisa ukuthi impela iqembu libhekene nezinkinga zokungaholi kwabadlali kwinyanga kaDisemba . ESitatimendeni sakhe okaMavovo uthembisile ukuthi inkinga yemiholo izoxazululwa maduze
Bawotha ubomvu abadlali beRoyal AM kulandela ukungayinuki imiholo yangoDisemba