Zigwetshwe uDilika Jele izithandani ezabulala owesilisa ngoba zifuna ukuhlomula kuMshwalwensi wakhe

AbaShadikazi baseSoshanguve ePitoli uLerato noSibusiso Mahlangu bagwetshwe uDilika Jele ngecala lokubulala uSibusiso Sithebe owayekade enguMyeni kaLerato.Kuthiwa bambulala ngoba befuna ukuhlomula kuMshwalensi wakhe.Lokhu kwenzeka ngonyaka ka2022.Sonke lesikhathi bekusaqulwa icala labo,baze bagwetshwa izolo ngoLwesihlanu begwetshwa yiNkantolo ePhakeme yaseTshwane.Ize abaningi besithokozele kakhulu lesi sigwebo kodwa uMama kaSibusiso Mahlangu obehlezi ngemuva kweBhokisi loFakazi ukhihle esikaNandi ngenkathi iMantshi uPapi Mosopa yethula isigwebo.UMosopa uchaze lezi zithandani njengabantu abayingozi okudingeka ukuthi basuswe emphakathini.NgoLwezi wanyakenye uMosopa wathola lezi zithandani zinecala lokubulala uSithebe maqede zayofuna imali ewuR575 000 eNkampanini yakhe yoMshwalesi ezagcina ziphumelelile ngempela ukuyithola.UMosopa uphinde wachaza lezi zithandani njengabantu abangazange babe neqiniso ngenkathi kusaphenywa icala.Wachaza uLerato njengeQhalaqhala ebeliphika ukubandakanyeka kwalo kuleli cala.ULerato Mphefu owayeyintombi kaSithebe ngenkathi eshona uthe uyasemukela lesi sigwebo.Uqhubeke wathi ubonga uNkulunkulu ngoba indodakazi yakhe eyayinonyaka owodwa ngenkathi uyise ebulawa isizothola ubulungiswa.UXolani Sithebe ongumfowabo kaMufi uthe siyamjabulisa kakhulu lesi sigwebo, uthe umfowabo uyazilwela lapho ekhona ngoba yena ukholelwa ekutheni abantu abangasekho bayakwazi ukuzilwela besemathuneni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *