Iqembu lebhola laseNgilandi iManchester United selixoshe umqeqeshi walo uRuben Amorim kulandela ukungahambi kahle kwemiphumela.UAmorim ongowudabuka kwelasePortugal wafika eOld Trafford ngoLwezi ka 2024 esuka eqenjini lasePortugal iSporting Lisbon lapho ayenza ezibukwayo khona.Wathi uma efika kwiManchester United zanqinda emthumeni kwaphela amaqhinga kuChakide.Nokho uAmorim wakwazi ukuholela iUnited emdlalweni wamanqamu weUEFA Europa League eBilbao kwelaseSpain ngoMay ngonyaka odlule.Iqembu leManchester liqoke uDarren Fletcher ukuba abambe izintambo okwesikhashana kusafunwa umqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaAmorim.Izimpukane eziluhlaza zithi uOliver Glasner nguyena ohamba phambili kwabangahle bevale isikhala sikaAmorim.UGlasner ucija iqembu leCrystal Palace okwamanje,futhi wenza kahle kakhulu ize leli qembu lihlezi lidedela abadlali,libadayisela amanye amaqembu.Abanye abaqeqeshi ababikwa besohlwini lwabaqeqeshi abangahle baqashwe yiqembu leUnited uXavi owake owacija iBarcelona,uGareth Southgate owake wacija iqembu lesizwe laseNgilandi,uLaurent Blanc kanye noMichael Carrick abake bagijima kwiUnited.
Khumu!