Iqembu lebhola laseZimbabwe iHighlanders FC liqashe umqeqeshi wakuleli uThabo Senong ukuba abe ngumqeqeshi walo,avale isikhala esashiywa uPieter de Jongh waseDutch owashiya ngoLwezi(Novemba).Leli qembu lidlala kwiLigi ephezulu kuleliyazwe ebizwa ngokuthi yiCastle Premier League.Le Ligi iqala ngoMasingana iphele ngoLwezi.Umqeqeshi uSenong usethelekile kuleliyazwe,kulindeleke ukuba aqale umsebenzi wakhe kungekudala.Kubikwa ukuthi uzolekelelwa nguMkhokheli Dube(isekela lakhe)owake wadlalela iqembu loSuthu laseThekwini.Imininingwane yenkontileka kaSenong ayikadalulwa.USenong uneCV enhle kakhulu ngoba wake wacija neqembu lesizwe laseLesotho,owabuye wacija neqembu lesizwe labafana abasakhula lakuleli elaziwa ngokuthi “aMajita”.USenong muhle impela ikakhulukazi kubafana abancane.Iqembu leHighlanders lizinze kwaBulawayo lapho kukhulunywa khona uLimi lwesiNguni.Okusho ukuthi indaba yoLimi ngeke ibe yinkinga kumfoka Senong kwazise naye uyasikhuluma isiZulu.Kulonyaka iqembu leHighlanders lizobungaza iminyaka eyikhulu lasungulwa,lasungulwa ngo1926.Leli qembu lidume kakhulu ngesiteketiso salo esithi yiBosso.
IKilabhu yaseZimbabwe iqashe umqeqeshi wakuleli