UArthur Mafokate uhluba udlubu ekhasini ngamahlebezi okuthandana noKelly Khumalo

INgqalabutho yomculo weKwaito uArthur Mafokate ucacisa ngezinsolo ezivela kubalandeli bomculo ezithi uthandana nomculi weAfro Pop uKelly Khumalo.Ezinsukwini ezedlule kuke kwasabalala izithombe zikaMafokate noKelly Khumalo ezahlukahlukene,Kube kuningi ukuphawula kubalandeli bomculo,abanye bebethi bayafanelana,abanye bebethi uMafokate alibambe lingashoni.Abanye bebethi R.I.P Mafokate.Engxoxweni kaMafokate nePhephandaba iDaily Sun uMafokate  ukubeke kwacaca ukuthi yena noMzwilili wakwaKhumalo kabathandani kepha  bahlanganiswa yingoma abasanda kuyikhipha esihloko sithi”Ngeke”.Le ngoma inezinsuku eziyisikhombisa kuphela ikhishiwe kodwa isinama-Views ayi-165K kuYou Tube.Laba baculi ababili abaqali ukukhipha ingoma ndawonye,bake bayikhipha futhi nango2014 ingoma esihloko sithi”Nguye”nayo eyenza kahle kakhulu.Eqhuba uMafokate ubonge abalandeli bomculo ngendlela abayemukele ngayo ingoma yakhe noKelly Khumalo.UMafokate uphinde wacacisa nokuthi yena akakaze aphawule ngempilo yakhe yezothando esindlangalaleni noma asho igama lomuntu asuke ethandana naye-ngaphandle uma kuwukuthi uphoqwa isimo ukuba amuveze.Uthi ezothando zakhe zihlezi ziyimfihlo.Uphethe ngokunxenxa abalandeli bomculo ukuba baqhubeke beyeseka le ngoma yakhe noMaKhumalo,bayeseke ezinkundleni ezifanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *