Utholakale enenqwaba yoMazisi umsolwa omkhulu ecaleni likaOlorato obulawe namuhla ekuseni

Umsolwa omkhulu ecaleni likaOlorato owabulawe ngabakwaSidlodlo namuhla sekuseni utholakale enenqwaba yoMazisi abalinganiselwa ku28 kanye noMakhalekhukhwini abayi20.Isiqumbu sikaOlorato satholakala ngesonto ekuseni endaweni yaseLombardy West eGoli kanti ababulali bakhe bebasagcwele amathafa.AmaPhoyisa akhipha amagama abaselisa abathathu abasolakala ukuthi yibona kanye abasoconga lona wesifazane obesemncane eneminyaka eyi30.Lawo magama akhishwa elikaPhilangezwi Sibongokuhle Makhanya,Fezile Ngubane kanye nelikaBongani Mthimkhulu.Namuhla ekuseni amaPhoyisa akwaZulu Natal adubule abulala uPhilangezwi Makhanya okubikwa ukuthi nguyena odubule kuqala.Ambhadame eComplex ehlala abantu ngaseManzimtoti eThekwini.Kuthiwa ubelokhu efike izolo ekuseni kule ndawo,ezoboleka imoto.Kuvela nokuthi uPhilangezwi ubengaqali ukuboleka imoto kulo mlisa obolikisana ngezimoto kule ndawo,kuvela ukuthi bebazana nalomlisa ngokweBhizinisi.Kuthiwa umlisa obolekisana ngezimoto unqabile ukumeboleka imoto ngoba ubesesibonile isithombe sikaPhilangezwi ezinkundleni zokuxhumana.Kuthe uma lo mlisa ebuzwa ngamaPhoyisa ukuthi kungani ubengabikeli amaPhoyisa ngokuba khona kukaPhilangezwi kwiBhizinisi lakhe waphendula ngokuthi ubesexoxisane naye wamcela ukuba makazinikele emaPhoyiseni kanti naye ubesevumile ukuzinikela ngashwa kwasekugaleleka ezikaDalawana.Uthi ubesegonyulukile wavuma nokuthi nguyena nabangane bakhe impela abasoconge uOlorato.Wathi kodwa bebengaqondile ukumubulala.Kuthiwa uqhubeke wacela lo mlisa ukuthi amxolisele nakuMama wakhe ngoba kade kwasa emkhuza mayelana nempilo yogebengu.Lo Mebolekisi wezimoto ukuvezile nokuthi ubuzile kuPhilangezwi ukuthi baphi abangane bakhe enze nabo lobu bubi waphendula ngokuthi akazi kodwa oyedwa wabo uthe uzobalekela ezweni laseZimbabwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *