Ugwetshwe uDilikajele owayeyiKhansela laseMnambithi ngecala lokushisa umndeni wakhe

UMichael Buthelezi (48)owayeyiKhansela futhi eyilungu leDA ugwetshwe uDilikajele ngecala lokungqongqisa umuzi wakhe oseBergville lapho kwashona khona amalungu omndeni wakhe amane.Lawo malungu omndeni isithandwa sakhe uKhombisile Khoza(41),indodakazi yakhe uLubanzi Buthelezi(12),indodana yakhe uZigizendoda Buthelezi(9),kanye nendodakazi yakhe yokugcina uSibongele Buthelezi.Okhulumela iNPA esifundazweni sakwaZulu Natal u-Natasha Ramkisson-Kara uthi uButhelezi wethula ubufakazi obungamanga emaPhoyiseni obabuthi umuzi washiswa ngowabe eyisoka likaKhombisile.Izihlobo kanye nomakhelwane bethula ubufakazi enkantolo obabuthi uButhelezi wayehlezi exabana nesithandwa sakhe asisabisa ngokuthi uzosishisela endlini.UMshushisi uShika Siverpersad wethule ofakazi abayi-11 kuhlanganisa nabosizo oluphuthumayo abethule ubufazi ubuqanda ikhanda ukuthi ngempela uButhelezi wawubulala umndeni wakhe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *