Sivele enkantolo isangoma ngecala lokubulala ingane

Unina wengane okwabikwa ukuthi inyamalele mhlaka ziyishumi kuNovemba 2024 uvele enkantolo yaseVanderbijlpark namuhla emini ngecala lokubulala yona leyo ngane yakhe ayizayo elekelelwa isangoma saseLesotho uSebokoana Khounyana(50).Kuvela ukuthi nina wale ngane uKeneilwe Shalaba(32)waya kulesi sangoma wafike wakhononda ngobulili bengane ogama layo linguKutlwano Shalaba,wathi akayifuni le ngane ngoba ayiyena umfana,yena ubefuna ingane yomfana kanti nakubo bazi ukuthi eyomfana.Ngaleso sikhathi uKutlwano wayeneminyaka emibili nje kuphela.Kuthiwa bagcina beyisocongile-ke lengane ngokuyidlisa ushevu okuvela ukuthi yawudliswa isona lesi sangoma.Isangoma saxinwa amaPhoyisa ngemibuzo sagcina siwakhombisa lapho sona nonina kaKutlwano babengcwabe khona uKutlwano.Buqamama nomgwaqo uR28 Bekkersdal,Randfontein.Njengoba bebevele enkantolo nje uKeneilwe ubeke wavela eyedwa ngoFebruary singakaboshwa isangoma.Ngalolo suku lwenkantolo umseshi ophenya leli cala watshela iMantshi ukuthi uthole ukuthi uKeneilwe ongunina wengane wangelwa imali ewuR75 000 ngosuku okwanyamalala ngalo ingane.Kwathi uma ebuzwa ukuthi yayivelaphi lemali wangezwakala ukuthi uthini.Laba basolwa ababili basagqunywe esitokisini,baboshelwe icala lokubulala uKutlwano kanye nelokushushumbisa abantu,Kubikwa ukuthi laba ababili baba nezingxoxo eziningi kakhulu kusukela ngezinsuku sekuzofika usuku okwabulawa ngalo uKutlwano kwaze kwaba usuku abulawa ngalo.Okusobala ukuthi bayihlela lento yabo ngoba babexhumana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *