AbeSpecial Investigation Unit (SIU) bagasele emzini walowo osolwa ngokuba yingxenye yabatapa uR2billion esibhedlela saseTembisa uHangwani Morgan Maumela bashaqa impahla ngenhloso yokuhlanganisa imali ewuR820million okuthiwa wayitapa esibhedlela saseTembisa.UMaumela unguSomabhizinisi waseGoli,umuzi wakhe oseSandhurst ogaselwe ngabeSIU kwashaqwa impahla okukhona kuyo nezimoto ezimbili zohlobo lwamaLamborghini ezinombala ofanayo oluhlaza okwesibhakabhaka.UMaumela uyathinteka etashweni kwalemali,kwazise wayeneThenda kulesi sibhedlela ngenkathi kutashwa le mali ewuR2billion isiyonke,kuthiwa yena watapa uR820million.Okhulumela iSIU uNgwako Motsieng ukuqinisekisile ukudliwa kwempahla kaMaumela ngabeSIU,wathi lokhu kuyingxenye yomkhankaso wokudla impahla yakhe engalingana noR820million okuyimali ayitapa esibhedlela saseTembisa.UMotsieng uqhube wathi kukhona nabanye abasazodlela impahla,bakhona nabazoboshwa.
Khumu!