Abomthetho bashaqe izinsizakusebenza emzini kaJenene Sibiya

EzikaDalawana zigasele emzini wephini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa elisamisiwe uJenene Shadreck Sibiya zathatha izinsizakusebenza zakhe esingabala iLaptop kanye noMakhalekhukhwini abane.Igama likaSibiya lithintwe kakhulu kwiKhomishana ka Madlanga lithintwa ngoFakazi oJenene Nhlanhla Mkhwanazi,uJenene Masemola kanye noJenene Dumisani Khumalo.Ngokusho kwabo bathi uSibiya usephaketheni likaVusi Cat Matlala ochazwa njengesigebengu esikhulu esisezikhindini njengamanje ngecala lokuzama ukubulala owabe eyintombi yaso.Kanti uMatlala kuthiwa uyathinteka nasemacaleni abucayi enzeka eGauteng esingabala kuwo awokubulala.USibiya usigxeke kakhulu lesi senzo sabomthetho sokushaqa izinto zakhe wakhala ngokuthi lezi zinto uyazidinga ngoba ubezozisebenzisa ukulondoloza ubufakazi njengoba naye kulindeleke ukuba avele kwiKhomishana ka Madlanga.Ukhale nangokuthi indlela amaPhoyisa agasele ngayo emzini wakhe ayibanga yinhle ngoba lokho kuphazamise izingane zakhe ngokumqondo.Kanti nomuzi wakhe ubekwe esidlangalaleni wabonwa wuWonkewonke kwazise kutheleke nabezindaba bephethe amaCamara.Ube esecela ukuthi ngokuzayo uma befuna ukumubopha okungcono baxhumane noMmeli wakhe uzoziyela yena emaPhoyiseni.Uqhube kodwa  wathi bengaqhamuki ngo3 wasekuseni ngoba uzosuke agadle kuqala ezitshela ukuthi izigebengu kwazise kulezi nsuku kufika izimoto ezinezinombolo zomgunyatthi emzini wakhe zifuna yena.Uphinde wakhala nangozakwabo abamkhaphelile,Kuthe uma ebuzwa ukuthi ngobani labo zakwabo abamkhaphelile waphendula ngokuthi uMasemola noMkhwanazi.USibiya uthi uzizwa enguJosefa kwezeBhayibheli owadayiswa ngabafowabo kumaGibhithe.Kusenjalo uCedreck Nkabinde oyisikhulu seHhovisi likaNgqongqoshe uSenzo Mchunu namuhla sibize isithangami nabezindaba sakhala isililo esifanayo-sathi naso iLaptop yaso kanye noMakhalekhwini kushaqwe ngamaPhoyisa izolo ebusuku.Siqhube sathi amaPhoyisa azamile nokugasela emzini kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMchunu kodwa ahluleka.

 

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *