Usesulile ePhalamende uDuduzile Zuma-Sambudla

Usesulile ePhalamende uDuduzile Zuma-Sambudla oyindodakazi yalowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.Lezi zindaba zimenyezelwe nguSihlalo weMKP uMnu Nathi Nhleko ngenkathi ekhuluma nabezindaba namuhla eThekwini.USambudla usula nje ubhekene necala elibucayi lokushushumbisa abantu.Ngesonto eledlule uSambudla wavulelwa icala lokushushumbisa abantu elivulelwa  ngudadewabo uBonganini Zuma-Mncube.Kuthiwa uSambudla uyathinteka odabeni lwabantu balapha eNingizimu Afrika abavaleleke eRussia.Kubikwa ukuthi laba abantu bayengelwa oPhathe nguSambudla ethi bayoqeqeshelwa ezokuqapha(Body Guarding)kuleliya zwe kanti lutho ubashaya ngeMfe iphindiwe,kahle-hle bayofakwa ekhaleni lempi eqhubekayo phakathi kweRussia neUkraine.Kamuva nje uSambudla ubhale encwadi efungelwe(affidavit)wayiyisa emaPhoyiseni.Kule ncwadi ubechaza ukuthi akazi lutho ngodaba lwabantu bakuleli abavaleleke eRussia.Kule ncwadi uSambudla uvumile ukuthi yebo wake waxoxa ngayo le ndaba yomsebenzi wokuqapha,kodwa naye wayezwe ngoBlessing Khoza okubikwa ukuthi naye uyiLungu leMKP.Lolu daba seludluliselwe koKlebe(Hawks),luyaphenywa.Neqembu le DA nalo lavula icala lokushushumbiswa kwabantu livulela yena uSambudla.UNhleko uveze ukuthi iqembu le MKP alithinteki kulolu daba lwabantu abavaleleke eRussia,umuntu othintekayo uSambudla hhayi iqembu.USambudla unelinye icala elisaqulwa,okuyicala lezibhelu zika2021.Kuthiwa uSambudla wabhala iPost egqugquzela udlame okuthiwa yiyona kanye eyasusa izibhelu lapho abantu abavuka umbhejazana batapa ezitolo zakuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *