ULieutenant General Shadrack Sibiya namuhla nakusasa uzothola ithuba lokuziphendulela kuzo zonke izinsolo asolwa kuzo okuhlanganiswa nezinsolo zokuthi wahamba uKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke uFannie Masemola,wakhipha umyalelo wokuthi kuthathwe wonke amadokodo ayephenya ngokubulawa koSopolitiki elalaziwa ngePKTT phecelezi Political Killing Task Team.Leli thimba iPKTT lalizinze esifundazweni sakwaZulu Natal,lawo madokodo athathwa ayiswa eGauteng.Leli thimba lagcina lihlakaziwe,ngokusho kukaJenene Nhlanhla Mkhwanazi uthi lahlakazwa ngoba kukhona oSopolitiki abathintekayo emacaleni okubulawa kwabanye oSopolitiki.USibiya uzovela namuhla phambi kweKomiti i-SAPS Ad Hoc Committee ePhalamende kubuka lonke izwe,aphinde avele futhi nakusasa.Lezi zindaba zivezwe uMnuz Soviet Lekganyane usihlalo weKomiti ngoLwesihlanu.Ngesonto eledlule amaPhoyisa agasele emzini kaSibiya ashaqa izinsizakusebenza zakhe okubalwa kuzo iLaptop kanye noMakhalekhwini abathathu.USibiya uyiPhini likaKhomishana kaZwelonke elisamisiwe nokho,lamishwa yiNduna yalo uFannie Masemola onguyena Khomishana wamaPhoyisa kaZwelonke.Isizathu sokumiswa kukaSibiya kwaba yilona udaba lwamadokodo,nanokuthi kuthiwa uxhumene nezigebengu eziyingozi kuleli,kukhona nobufakazi bukaWhatsapp.UJenene uMkhwanazi uvulele uSibiya kanye nabanye amacala okuphazamisa ukusebenza kweNgaloyomthetho.
Khumu