Kubikwa ukuthi beligcwele ngokweqile ibhasi eliphenduke kuN1 izolo emini.Le ngozi yenzeke buqamama nedolobha iMakhado eLimpopo izolo emini.Kubikwa ukuthi leli bhasi liphendukile nje ngaphandle kokushayisana nenye imoto noma ukuqhuma kwesondo.Kule ngozi kushone abantu abayi42,kwalimala abayi30.Kwabashonile kubalwa noSwana olunezinyanga eziyishumi.Ngemuva kwengozi lona uSwana kanye noNina baphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane ngoba isimo sabo besibucayi kakhulu.Ngeshwa uSwana lufike lwashonela esibhedlela.Abazemigwaqo babike ukuthi leli bhasi beligcwele ngokweqile,belilayishe abantu abayi90 esikhundleni sabayi 60.Lokhu kubuye kufakazelwe nayisibalo sabashonile abayi42 kanye nabalimele abayi30 okusho ukuthi abantu ababekade bekuleli bhasi bebengale kuka70 ngesibalo.Nokho inkampani ephethe leli bhasi iyakuphika lokho ithi ibhasi labo belilayishe isibalo sabantu esifanele.Leli bhasi belisuka eGqeberha liphikelele eZimbabwe naseMalawi.Ephawula ngale ngozi uMphathiswa wezokuthutha eLimpopo uViolet Mathye ukhale ngokuthi leli bhasi lime kanye nje vo kulolu hambo obelusuka eGqeberha.Awucabange nje amaHora ayi9(ishiyagalolunye) wokusuka eGqeberha uye eGoli,bese uhlanganisa namaHora ayisithupha(6)okusuka eGoli uya eMakhado.Maningi kakhulu lamaHora awukufanele ukuphumula kanye.UMengameli wezwe uBaba uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo kwabashonelwe.Abantu abashonile bebeyizizalwane zaseZimbabwe kanye nezaseMalawi.
Khumu!