Iqembu lebhola laseTanzania iYoung Africans SC selixoshe umqeqeshi walo uRoman Folz owaziwa kakhulu kuleli ngelikaFohloza,okuyigama aliqanjwa uMphathi woSuthu uSandile Zungu.UFohloza wake wacija iSundowns njengomunye wamasekela omqeqeshi.Waphinde wacija noSuthu okuyilapho azitholela khona leli gama likaFohloza.Kanti kamuva nje ubesecija iqembu leYoung Africans SC laseTanzania alijoyine ngoNtulikazi walonyaka(Julayi).Leli qembu libuye laziwe ngeYanga FC noma Thimu Ya Wananchi.Ngokwemiphumela ubekade enza kahle kakhulu uFohloza ngoba ubeseke wadla nesicoco seCommunity Shield yakhona eTanzania lapho ashaya khona iSimba FC okuyizimbangi ezinkulu zeYanga kwelaseTanzania.Indaba yonakale ngenkathi eshaywa yiSilver Strickers ngeGoli elilodwa eqandeni emdllalweni eCAF Champions League wayizolo ngoMgqibelo odlalelwe eLilongwe eMalawi.Kuyilapho abaphathi beYanga bevele bamkhomba indlela,bavala isikhala sakhe ngoPatrick Mabedi owake wagijima kwiKaizer Chiefs.UMabedi ubesanda kumenyezelwa njengelinye lamasekela kaFohloza ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.Abaphathi beYanga bakhiphe isitatimende lapho bememezele khona ukuthi seligqabukile igoda phakathi kwabo noFohloza,baphinde baveza nokuthi uMabedi nguyena ozobamba izintambo okwesikhashana,kusafunwa umqeqeshi omusha oneziqu zeEURO License A.Eminye imibiko evelayo ithi abaphathi kanye nabalandeli beYanga bebengagculisekile ngestayela sokudlala sikaFohloza,ize imiphumela ibikade imihle.UFohloza unguMsinsi wokuzimilela kwelaseFrance.
Khumu!