Kuboshwe umsolwa ngecala lokubulala uThishanhloko kanye nozakwabo oyisekela likaAdimn eskoleni saseTembisa Inxeweni Primary School.Amagama abafi uNozibele Tabu(58)onguThishanhloko kanye noNobantu Njombini(55)oyisekela likaAdimn walesi sikole.Abafi babulawa kabuhlungu yinkabi eyangena ngaphakathi kulesi sikole yabadubulela khona ngoLwesine mhlaka 18 ngezithuba zo5 ntambama.AmaPhoyisa aseTembisa alusukumela phezulu lolu daba abopha umsolwa oneminyaka eyi-26 ogama lakhe lingu-Mokgadi Hope Shongwe oyiFinance Clerk yalesi sikole.Nayo inkabi eneminyaka eyi35 iboshiwe.Laba basolwa ababili baboshwa ngoLwesithathu mhlaka 19.Kulindeleke ukuthi uShongwe avele enkantolo yaseTembisa namuhla ngomhlaka 21 November(Lwezi),inkabi yona kulindeleke ukuba ivele ngoMsombuluko mhlaka 24 November.Kusolwa ukuthi uShongwe wathumela laba ababili ngenkabi ngoba babemubuze ngemali ewuR52 750 eyaphuma kwiAccount yalesi sikole yangena kwekaShongwe.UShongwe nenkabi yakhe babhekene namacala amabili okubulala.
Kuboshwe umsolwa ngelokubulala uThishanhloko kanye nozakwabo eTembisa