IPirates ihlawuleselwe ukuchela ngentelezi enkundleni

 

Ibhutshile imizamo yeqembu leOrlando Pirates yokuzama ukudlulela esigabeni samaqoqo eCAF ngoback door.Leli qembu laseSoweto lalifake isikhalo kwiCAF mayelana nomdlali weSaint-Eloi Lupopo uRamos Kashala Wanet.EzikaMagebhula zazibhalele iCAF zikhala ngokuthi lo mdlali wadlala kungafanele ngenkathi leli qembu laseSoweto likhishwa yileli qembu laseDR Congo iSaint-Eloi Lupopo ngamaPhenathi.Kuleyo ncwadi iPirates yaphinda yakhala ngomdlali weSaint -Eloi Lupopo uMukoko owaxhaphaza kakhulu abadlali bePirates.UMukoko akagcinanga ngokuxhaphaza abadlali bePirates kuphela kodwa waxhaphaza ngisho nalaba abacosha amabhola ababizwa ngokuthi oBall-Boy.INhlangano eyengamele ibhola eAfrika(CAF)isiyiphendulile-ke leyo ncwadi yezikaMagebhula.Kwimpendulo yayo i-CAF ithole umdlali uRamos Kashala Wanet emsulwa okusho ukuthi ibhutshile imizamo yePirates yokwedlulela phambili kulo mqhudelwano weCAF.I-CAF ihlawulise ezikaMagebhula imali engango$5000 wamaDola aseMelika(R85 000) ngokwethwesa iqembu le Saint-Eloi Lupopo icala elingekho.I-CAF iphinde yahlawulisa iPirates imali ewu$20 000 (R343 500) ngokuchela izintelezi enkundleni,ngisho nakwiDressing Room yezimbangi uqobo.UMukoko utholakale enecala lokuxhaphaza abantu enkundleni,i-CAF imjezise ngokuthi angadlali emidlalweni emibili yeqembu lakhe okusho ukuthi uzobe engekho mhla bedlala neSundowns yakuleli mhlaka 22,ngoMgqibelo esiya kuwona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *