Kubikwa ukuthi sekuboshwe abasolwa mayelana necala lokusoconga isikhulu seIFP uBaba uKhethamabala Petros Sithole odutshulwe wabulawa ngomhlaka 31 Meyi endaweni yaseKatlehong eGoli.Ubeselokhu wajoyina iNkatha ngo1979.OkaJobe ubeyilungu lePhalamende emele iIFP kusukela ngo2010.Wahlaselwa esemhlanganweni weIFP obuseKatlehong.Okhulumela iSAPS ubike ukuthi bakhona impela abasolwa asebeboshiwe mayelana naleli cala kanti futhi bazovela enkantolo yasePalm Ridge eGoli khona namuhla.OkaJobe uzofihlwa ngesonto eNkandla,kanti namuhla kunenkonzo yesikhumbuza endaweni yaseGermiston Civic Centre eKurhuleni.
Sebeboshiwe abasolwa ngokubulala isikhulu seIFP eKatlehong