Abameli bakaSiya Mhlongo bathi alichithwe icala lakhe

Ubevele enkantolo kaMantshi yaseThekwini namuhla uSiya Mhlongo(42) owethweswa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.Lona owabe enguMsakazi woKhozi FM wavulelwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza elivulelwa yisithandwa sakhe uNjabulo Duma ngoNcwaba(August 2024).Ngokusho kukaDuma estatimendeni sakhe uthi uMhlongo wamsakaza ngebhodlela leSavana ebusweni bebuya endaweni yokucima ukoma ebusuku.Abameli bakaMhlongo abaholwa uSimphiwe Mlotshwa bathi ayikho yonke leyonto eshiwo uDuma ngoba iclient labo(uMhlongo)lashaya uDuma ngebhodlela ngokungenhloso kepha laliqonde ukushaya isigebengu esasizama ukuduna imoto yabo.UMlotshwa uqhube wathi alichithwe leli cala ngoba uDuma wayeqiwe yinkezo ngenkathi evula leli cala.Futhi akasakhumbuli nokuthi babesuke ngaskhathisini endaweni yokucima ukoma ebizwa ngokuthi iZai Restaurant eseThekwini ngoba wayewadle kakhulu amponjwana.Umshushusi usiphikisile lesi sicelo wathi uDuma wayephile qingqo ngenkathi evula icala.Imantshi iludlulisele kumhlaka 17 kuyo lena ephezulu lolu daba.UMhlongo wayesebenzela uSabc ewumsakazi woKhozi kanye neMetro FM.Wamiswa uSabc ngesizathu sokunikwa ithuba lokuqulwa kwecala lakhe.Kwathi ngenkathi inkontileka yakhe iphela ngoNdasa ka 2025 uSabc wanquma ukungayivuseleli.

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *