Iyachichima injabulo kumphathi uFarook Kadodia kulandela ukuthola kweqembu lakhe abaxhasi okuyiJohnson Workwear inkampani ekhiqiza impahla yokusebenza esingabala kuyo amaBhuzu,amaGloves okuvikela izandla,imifaniswano efana namaOveroll kanye nokunye.IJohnson Workwear iphinde ibe ngabaxhasi beqembu leSiwelele FC.Kusukela manje amaJesi eDurban City asezobhalwa igama lalenkampani njengoba siye sibone ejesini leSiwelele.Ekhuluma nasezindaba uKadodia uthi ukusebenzisana kweqembu lakhe nabaxhasi abasha kuyoba isisekelo esiqinile esahlukweni esilandelayo seqembu lakhe iDurban City ngoba uyayazi indlela abazikhandla ngayo emsebenzini wabo.Oyinhloko yeMarketing kwiJohnson Workwear uDilshaan Chetty naye uzwakalise injabulo enkulu ngalokhu kuhlanganyela(partneship),wathi ulindile okuhle kodwa kulolu hambo abaluqalayo.
Injabulo iDurban City ithola abaxhasi