Inhlangano eyengamele ibhola likaNobhutshuzwayo emhlabeni wonke jikelele isisikhiphile isinqumo mayelana nodaba lokudlaliswa komdlali uTebogo Mokoena kungafanele.Le nhlangano eyaziwa ngeleFIFA ithole iBafana Bafana inecala ngokudlalisa uMokoena owayemakhadi ayiphuzi amabili ngenkathi iBafana Bafana idlala neLesotho.ILesotho yiyona eyavula leli cala,ngokubhalela inhlangano yeFIFA ikhala ngokudlaliswa kukaMokoena.Isize yaphendula-ke namuhla iFIFA yathi izokwephuca iBafana Bafana amaphuzu amathathu kanye namaGoli amathathu iwanike iLesotho.Ayigcinanga lapho iFIFA ngoba iphinde yahlawulisa neBafana Bafana imali eyizinkulungwane eziyi217.UMokoena yena akajezanga kodwa ube esexwayiswa.Njengoba iBafana Bafana yephucwa amaphuzu amathuthu nje lokho kusho ukuthi isizoba namaphuzu ayi14,isilingana neBenin,sezihlukaniswa ngamaGoli.Kusele imidlalo emibili.
Khumu!