Uzogwetshwa ngonyaka ozayo uMalema

Izolo inkantolo inkantolo yaseEast London ithole umholi weEFF uMnu Julius Malema enecala lokusebenzisa nokuphatha budedengu isibhamu.Ngo2018 oMalema kanye noNogada wakhe uAdriaan Snyman bavulelwa icala lokuphatha nokusebenzisa budedengu isibhamu kulandela ukudubula kwabo emoyeni ngenkathi kuqhubeka iRally eyayibanjelwe eMdantsane.Icala labo belisaqhubeka enkantolo yaseEast London.IMantshi uTwanet Olivier imemezele ukuthi uMalema uzogwetshwa ngonyaka ozayo mhlaka 23 kuMasingana(Januwari).Okumangaze abantu wukuthi uNogada wakhe yena udle umhlanganiso kuleli cala,inkantolo imthole enacala.Esephawula ngesigwebo sakhe uMalema uthe akumumangazi ukuthi uNogada wakhe utholakale emsulwa ngoba vele umuntu obekade efuneka lana nguwe,uqhube wathi akanacala yena kuphela nje impi yezePolitiki lena.UMalema uveze ukuthi uzolinda isigwebo sakhe esizomenyezelwa ngomhlaka 23 Masingana ngonyaka ozayo bese eludlulisela enkantolo ephakeme lolu daba.Kuzokhumbuleka nokuthi uMengameli waseMelika uDonald Trump wabuza uMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa ukuthi akaboshwa ngani uMalema ngoba uwumuntu onodlame.Lowo mbuzo wawubuza ngenkathi uMengameli ehambele eMelika kuwo lonyaka esikuwona,ekanye noJohann Rupert insizwa egwilike ukudlula wonke umuntu kuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *