Kubikwa ukuthi sekweqe isigebengu esiyingozi kabi eJele laseZimbabwe iPlumtree Prison.Lesi sigebengu uCabangani Mike Mathe osesithombeni obedonsa iminyaka engamashumi amabili kuleli Jele,kanti bekusekhona namanye amacala abesaqulwa.UMathe(38)wagwetshwa mhlaka 29 kuNcwaba(August) ngecala lokudlwengula esinye sezisebenzi zakhe.Kuthiwa le ndoda ibibuye ibe uSomabhizinisi,ineZipaza Shop.Kubikwa nokuthi uMathe unelinye futhi icala elibucayi ebelisaqulwa,okuyicala lokubulala uBenitta Tshuma.Kuthiwa kuleli cala uMathe welekelelwa yiPhoyisa eliyiGundane elathatha uTshuma ezandleni zamanye amaPhoyisa kwesinye seziTeshi zamaPhoyisa layomnikela ezandleni zikaMathe.Kubikwa ukuthi uMathe wathatha uTshuma weqa naye umngcele wangena kwelaseBotswana lapho afika amubulalela khona.UTshuma wayegcinwe kulesi Siteshi samaPhoyisa ukuze aphephe ngoba wayevulele uMathe icala lokudlwengula,uMathe wayengakaboshwa ngaleso sikhathi.Leli Phoyisa eliyiGundane laboshwa ngalesi senzo salo esibi.UMathe ubuye athinteke nakwamanye amacala kuhlanganisa nelokunyukubeza ngokocansi umfanyana osemncane.Kuthiwa uMathe usebenzise iSaha yohlobo lweHacksaw ukusika izinsimbi zaseJele.Lokho kwenzeke ezintatha zayizolo ngezithuba zo2 wasekuseni.Kusobala ukuthi iSaha ubeyithole koJele abangamaGungane.Kunezinsolo ezithi uMathe usengenile kuleli laseNingizimu Afrika.AmaPhoyisa aseZimbabwe anxusa izakhamizi zaseMzansi ukuba zibikele amaPhoyisa uma kwenzeke zimubona uMathe.Kunxuswa abantu ukuba bengalinge besondele kuye ngoba uyingozi kakhulu.
Sekweqe isigebengu esiyingozi eJele laseZimbabwe