Amaphupho okuya kumqhudelwano wendebe yomhlaba aphelile kwiSuper Eagles

Iqembu lesizwe laseNigeria elaziwa kakhulu ngeleSuper Eagles ngeke lisaya emqhudalwaneni weWorld Cup 2026 ozobanjelwa emazweni amathathu,okuyiMelika,iCanada kanye neMexico ngonyaka ozayo.Lokhu kwenzeke ngemuva  kokushaywa kweSuper Eagles ishaywa yiDR Congo emdlalweni wayizolo ebusuku.Lo mdlalo yiwona obuzofaka isigxivizo sokuya kulo mqhudelwano eqenjini leSuperEagles.Lo mdlalo uphele ngescore sika1-1,zase ziya esikhathini esengeziwe lapho zishayane khona zaze zabukana.Lokho  kuholele ekutheni ziye kuma-Phenathi lapho iSuper Eagles yehlulwe khona ngo4-3.Lo mdlalo ubudlalelwa ezweni laseMorocco.Izwe laseNigeria,elaseDR Condo,yiGabon kanye Cameroon athola ithuba lesibili lokuzama ithikithi eliya kuWorld Cup 2026 kulandela ukuqeda kwawo njengoNombolo 2 abanamaphuzu amaningi phecelezi best runners up.Lamazwe abe esenikwa ithuba lokudlala amaPlay offs abebanjelwe eMorocco.Kulama Play offs iNigeria yashaya iGabon namaGoalie amane lwelilodwa,kwathi iDR Congo yona yashaya iCameroon ngeGoalie elilodwa eqandeni.Enye into ebuye yakhathaza izinhliziyo zabalandeli baseNigeria ukulimala  kwesethenjwa sabo uVictor Osimhen ophume enkundleni eseqhuga zisanda kuqala nje isiwombe sesibili.Abalandeli beSuper Eagles bakhathazwa wukuthi umqhudelwano weAFCON uzoqala khona maduze nje ngoZibandlela(Desemba).Kanti nabalandeli beqembu likaOsimhen iGalatasaray nabo bezwakalise ukukhathazeka kwazise nakhona oOsimhen uyisethenjwa.Odokotela beqembu leSuper Eagles bebengakaphawuli mayelana nokulimala kukaOsimhen.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *