Abokufika babanjwe nemishanguzo

 

AmaPhoyisa omgwaqo aseKurhuleni abambe abesifazane ababili bephethe imishanguzo emotweni yabo yohlobo lweFord Ranger.Laba abesifazane bangabokufika kuleli futhi abangenawo abaphepha abagunyaza ukuba babe kuleli.Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngasemgwaqeni uNew Modder Road lapho amaPhoyisa eKurhuleni Metropolitan Police Department(EMPM)Intervetion Unit emise khona iFord Ranger ensundu ebikade ihamba ngalaba besifazane.AmaPhoyisa athe uma eyisesha le moto athola imishanguzo esingabala kuyo imithi yokukhwehlelisa,eyemfiva,amaARVs kanye neminye imishanguzo.Laba oMame bathe uma bebuzwa ngale mishanguzo baphendula ngokuthi bayidayisela abavukuzi abangekho emthethweni abaziwa ngokuthi bangaMazamazama.Laba bavukuzi bemba igolide ezimayini ezingasasebenzi.Iningi labo lingabantu bokufika.Laba oMame bale baphetha ukudalula umgodi abathole kuwo le mishanguzo.Behlulekile ukuveza izincwadi ezibagunyaza ukuba badayise lemishanguzo.Iminyaka yokuzalwa yalaba besifazane u25 kanye no37.Belungakabekwa usuku abazovela ngalo enkantolo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *