Indodana yalowo owabe enguMongameli wezwe laseZimbabwe ogama layo linguBellarmine Chitunga Mugabe kanye nalowo eboshwe naye uTobias Matonhlodze balaxaze izicelo zebheyili.Laba ababili kade bevele namuhla enkantolo yaseAlexandra.UChitunga oyindodana kaRobert Mugabe wadubula walimaza isisebenzi sakhe sasengadini ngenyanga edlule emzini wakhe oseHyde Park.Laba ababili bethweswe amacala amathathu,okungelokuzama ukubulala,elokuphatha isibhamu esingenawo amaphepha kanye nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kwazise isibhamu esadubula isisulu basifihla,namanje amaPhoyisa asafunana naso.Icala labo lihlehliselwe umhlaka 17 kuyona lena ephezulu inyanga kaNdasa.Ummeli wabo uSinenhlanhla Mnguni akavezanga ukuthi kungani amaKlayenti akhe elaxaze amalungelo awo okufaka izicelo zebheyili.Akukacaci kahle ukuthi ngabe laba ababili bakuleli ngokusemthethweni noma qha.
Khumu!