Usaboshiwe umculi weKwaito uSipho Ndlovu(43) owaziwa kakhulu ngelikaBrickz.Ezinsukwini ezedlule kuke kwasabalala izindaba ezithi lo mculi ukhululiwe eJele.Okhulumela ezasemaJele uSingabakho Nxumalo uthi leyo mibiko ingamampunde ngoba uBrickz usadonsa isigwebo sakhe eLeeuwkop Prison.Selokhu angena kuleli Jele ngoNtulikazi(Julayi)ka2017 kulandela ukugwetshwa kwakhe yinkantolo yaseRoodepoort Magistrate’s court iminyaka eyishumi nanhlanu(15) ngecala lokudlwengula ilungu lomndeni.Okusho ukuthi manje usedonse iminyaka eyi8,usasalelwe ngeyi7.Ngonyaka odlule kuke kwasabalala iVido kaBrickz ethweswa iziqu zePolitical Science qualification eBoston City Campus,kanti ekuqaleni kwalo nyaka esikuwona kusabalele iVido yakhe umfoka Ndlovu eculela iziboshwa zaseJele laseLeeuwkop umculo wokholo.Le nsizwa yakwaNdlovu yaduma ngeminyaka yama2000s ngezingoma esingabala kuzo uSweety my Baby,uTjovitjo kanye nezinye.