Wenqatshelwe ibheyili uMrepha uShebeshxt

Uzowudlela ejele ukhisimusi uMrepha waseLimpopo kulandela ukwenqatshelwa kwakhe ibheyili yinkantolo yasePolokwane ebiholwa yiMantshi uMnu Godfrey Netshiozwi.UShebeshxt ubevele enkantolo yasePolokwane namuhla enhloso yokuzofaka isicelo sebheyili.Lo Mrepha ogama lakhe langempela linguLehlogonolo Katlego Chauke ubhekene namacala esingabala kuwo elokuzama ukubulala,elokucekela phansi impahla kanye nelokuphatha induku yamagwala engenazo izincwadi.UChauke selokhu aboshwa ngomhlaka 13 November.Ubelokhu ezama ukucela ibheyili echithwa.Umbuso uveze ukuthi okuyisona sizathu sokuncishwa kukaChauke ibheyili wukuthi unochuku kakhulu,uzosuke ayosabisa noma alimaze ofakazi.Kuthiwa elinye lamacala akhe walenza ngenkathi engephandle ngebheyili,wephula imibandela yayo.Lo Mrepha ubuye aziwe ngelika Shebe Maburna.Icala lakhe lihlehliselwe kumhlaka 18 February(Nhlolanja)ngonyaka ozayo lapho azothola khona elinye ithuba lokufaka esinye isicelo sebheyili.Abameli bakhe bathi bazoledlulisela enkantolo ephakeme icala lakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *