Useboshiwe umshayeli weKhwantamu elibandakanyeke engozini enyantisa igazi eyenzeke eVaal izolo ekuseni.Leli Khwantamu belilayishe izingane ebeziya ezikoleni ezahlukahlukene.Kule ngozi kushone izingane eziyi12 kwathi ezintathu zalimala kanzima,zaphuthunyiswa esibhedlela.Ngaphambilini bekubikwe ukuthi kushone izingane eziyi13.Umkhulumeli wamaPhoyisa aseGauteng uKoloneli Mavela Masondo utshele abezindaba ukuthi umshayeli weKhwantamu oneminyaka eyi22 usekhalelwe ngamasongo kaSigonyela.Kubikwa ukuthi uzovela enkantolo yaseVanderbiljlpark maduze.Wethweswe icala lukubulala ngenxa yokunganaki phecelezi culpable homicide kanye nelokushayela budedengu phecelezi reckless and negligent driving.Kubikwa ukuthi umshayeli nguyena obangele le ngozi ngenxa yokushayela budedengu.Kuthiwa udlule izimoto ezine(overtake) ehamba ngesivinini esiphezulu kanti kuzoqhamuka iLoli ebelizoshayisana naye mahlanze kodwa umshayeli walo wakwazi ukumvika,Kubikwa ukuthi iLoli neKhwantamu kugudlane ngezinhlangothi.Kuthiwa ligcine liphaphalazile iKhwantamu layoshayisa isihlahla.Umshayeli weKhwantamu naye uthole ukulimala kule ngozi,naye ubethunyelwe esibhedlela eqashwe ngamaPhoyisa.Uze wadedelwa namuhla.Kubikwa ukuthi izingane ezilimele zisasemagumbini abagula kanzima phecelezi ICU.
Usekhalelwa ngamasongo kaSgonyela umshayeli weKhwantamu elibulale abafundi eVaal