Kudutshulwe abantu abahlanu namuhla emini enkantolo yase Booysens.Ngeshwa ababili basale enkundleni,abathathu baphuthunyiswa esibhedlela ngamanxeba okudutshulwa.Kuthiwa laba abahlanu bebezokweseka umsolwa owaboshwa ngoApril wango2025 eboshelwa icala lokubulala.Ngokusho koMkhulumeli wamaPhoyisa aseGoli uBrenda Muridili uthi laba bantu badutshulwe ngamadoda amathathu athe uma eqeda ukubadubula abaleka ngezinyawo esuka emnyango wenkantolo ayongena emotweni emhlophe ebeyikade ibalinde endaweni eyibangana.Kuthiwa kulaba abalimele omunye wabo unguMmeli womsolwa obekade ezovela enkantolo.UMuridili uthi bazamile ukulandela umkhondo wemoto yezigebengu besebenzisa inombolo yemoto kodwa ngeshwa leyo nombolo ingeyomgunyathi.AmaPhoyisa aphenya icala lokubulala kanye nelokuzama ukubulala.