Usazobhadla esitokisini uVictor Majola Mthethwa osolwa ngokuba uNgqondongqondo ekubulaweni kukaDJ Warras.UDJ Warras wabulawa mhlaka 16 Zibandlela ngonyaka odlule,wabulawa buqamama nebhilidi iZambesi House okusolakala ukuthi liduniwe.Ngemuva kokubulawa kwakhe kwaboshwa uMajola eHostela laseSoweto,wachazwa ngokuthi uwuNgqondongqondo ekubulaweni kukaDJ Warras.UMajola ubevele okwesithathu namuhla enkantolo kaMantshi yaseGoli ngenhloso yokucela ibheyili.Ngeshwa umbuso umnqabelile ibheyili ngesizathu sokuthi unenqwaba yamakheli futhi lawo makheli umbuso uwachaze njengashayisa amakhala.Unamakheli eSoweto,unekheli eCosmo City kanye unelinye futhi naseDundee eKZN.Umbuso uveze nokuthi naseHostela lapho aboshelwa khona akukhona kwakhe,kuthiwa wayenizinsukwana efikile.Umbuso uphinde waveza nokuthi uma uMajola uma engadedelwa ngebheyili uzohlukumeza ofakazi.Umbuso uphinde waveza nokuthi uMajola watholakala nezithombe zikamufi kanye nenombolo yemoto yakhe athi wakunikwa intombi yakhe ehlala eZambesi House.Kuvela nokuthi intombi kaMajola ingomunye wabantu abavulelwa iProtection Order bevulelwa nguDJ Warras.Umbuso uhlehlisele icala likaMajola umhlaka 11 February.Umbuso ubuye waveza nokuthi nakhona ngomhlaka 11 kungenzeka libuye lihlehliselwe umhlaka 26 February(Nhlolanja).
Khumu!