AmaPhoyisa aseZimbabwe asekuqinisekisile ukuthi uBrian Abbas Amidu kanye nomngane wakhe uRueben Mhlanga bazodonsa iminyaka eyishumi nambili bebhadla eJele kulandela ukugwetshwa kwabo ngoLwesibili begwetshelwa icala lokudayisa umthunzi wezinkukhu.Laba ababili baboshwa ngoMfumfu(Okthoba)nyakenye kulandela ukutholwa kwabo ngamaPhoyisa belayishe insangu engabiza uR1.2million.Baboshwa khona eZimbabwe buqamama nedolobha laseKwekwe.Okhulumela amaPhoyisa aseZimbabwe uPaul Nyathi izolo ukuqinisekisile ukuthi laba ababili bazodonsa iminyaka eyi12 bebhadla eJele ngenxa yokutholakala nensangu.U-Amidu obuye aziwe ngelikaTumai Matsika wake wagijima eqenjini le Kaizer Chiefs,wayesayinelwe ukuzovala isikhala sikaKnowledge Musona owayesethengwe phesheya.U-Amidu wabuye wadlalela neqembu le Black Leopards khona lapha eNingizimu Afrika.Kanti umngane wakhe uRueben Kudzai Mahlangu yena wadlalela iqembu le Dynamos laseZimbabwe.U-Amidu uphuma kwiAcademy yodumo yakhona eZimbabwe iAces Youth Academy.Le Academy yakhiqiza abadlali esingabala kubo oMusona,Khama Billiat kanye nabanye.
Khumu!