Kuthiwa uhambo lukaMama Joy ludla uR700K wabaKhokhi beNtela

Kubikwa ukuthi uhambo lukaMama Joy uma eyokweseka amaqembu esizwe luye ludle imali engamaR700K yabaKhokhi beNtela.UMama Joy ujwayele ukuhamba namaqembu esizwe uma eyodlala ekuhambeni,amaqembu afana neBafana Bafana kanye naMabhokobhoko.Ezinsukwini ezedlule uMama Joy ubhale ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokuthi ngeke akwazi ukuya eMexico ayokweseka iBafana Bafana emqhudelwaneni weNdebe yomhlaba ozoqala ngoJune kuya kuJulayi.Uqhube wathi ufisa sengathi uMengameli wezwe engamxosha uNgqongqoshe wezemidlalo uMakhezi ngoba ayikho indaba yakhe.Baphendulile -ke abantu bemgxeka,abanye bethi makahlale phansi abuke umqhudelwano kuMabonakude njengabo bonke abantu.NoNgqongqoshe uMakhenzi naye ube esephendula wacacisa ukuthi izindleko zikaMama Joy zimba eqolo,zidla imali ewuR700K wabaKhokhi beNtela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *