Ezingena manje zithi sekushiswe omunye wemizi yenkosi yaMabhinca uNgizwe Mchunu.Lo muzi useMbumbulu.Ngokusho komakhelwane bathi kufike abantu abangaziwa bafike bafuna yona inkosi yaMabhinca,kwatholakala ukuthi ayikho,bekukhala iBhungezi kwazise nonkosikazi kaMacingwane akekho useKapa. Kuthiwa kuthe besanda kahamba labo bantu kwasala kuqubuka intuthu emzini wenkosi yaMabhica.Ezinkundleni zokuxhumana kusabalele iVido eveza umuzi wenkosi yaMabhinca usha.Asikakaziwa isizathu sokushiswa komuzi wenkosi yaMabhinca kanti nabenzi bobubi abakabanjwa.Inkosi yaMabhinca ingomunye wezishoshovu ezisekhaleni yokuxoshwa kwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.Kubikwa ukuthi iNduna uPhakel’umthakathi ibisithelekile emzini wenkosi yaMabhinca izizozibonela ngawayo.INduna uPhakela nayo ingomunye wabantu abasekhaleni lempi yokududulwa kwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.
Sekushiswe umuzi wenkosi yaMabhinca