Esivuke ngazo namuhla zithi uPapa Penny usesulile eqenjini loMkhonto wesizwe kanye nasekubeni yilungu lePhalamende elimele lona leli qembu.Encwadini yakhe ayishicilele kuFacebook wakhe uPapa Penny ukhale ngokuthi ozakwabo abangamaQabane kuleli qembu esifundazweni saseLimpopo bamuphethe kabi kakhulu.Ngokusho kwakhe uthi bayamkhaphela-yisona sizathu esimenza walahla phansi amaJokwe.Encwadini yakhe uveze ukuthi impela wajoyina le nhlangano azi kahle ukuthi kuzoba khona izingqinamba kodwa wayengazitsheli ukuthi lezo zingqinamba ziyoqhamuka kubantu bangakubo eLimpopo abathatha njengabafowabo futhi bengamaLungu ayo le nhlangano.Le nsizwa yaseGiyane eyake yaba umculi ngaphambilini igcine ngokubonga nethuba eyalinikezwa uMengameli wale nhlangano uBaba uJacob Zuma,ithuba lokusebenza kuMkhonto wesizwe.
UPapa Penny usesulile kwiMK nasePhalamande
Lomuntu ubeyulungu lephalamende 🙆🏾♂️
Impela kunjalo