Kuphunyuke uNgqondongqondo wamaZamazama eMayini yaseStilfontein

Kubikwa ukuthi sekuphunyuke uNgqondongqondo woZamazama abebeqhinqe eMayini engasasebenzi eStilfontein eNorth West . UNeo Tshoaeli odume ngelikaTiger ungowokudabuka eLesotho , uchazwa njengomuntu oyingozi kakhulu futhi ongaqeni ukubulala njengoba kubikwa ukuthi ubulale ozakwabo abaningi ngenkathi laba Bavukuzi besaqhinqe kule Mayini. Kanti kubikwa nokuthi uyathinteka ekufeni kwenqwaba yoZamazama kule Mayini ngoba nguyena obeshaya umthetho wokuthi kuphuma bani kusala bani emathunjini omhlaba. Kubikwa ukuthi amaPhoyisa anamaVido awubufakazi bazo zonke lezi zinsolo. Lesi sigebengu siphunyuke ngoLwesihlanu mhlaka 17 kuMasingana ngenkathi abanye aBavukuzi abayiKhulu nesishiyagalombili(108) beyovela enkantolo kaMantshi yaseStilfontein . Ngokusho kwabezindaba kubikwa ukuthi uTshoaeli welekelelwa ngamaPhoyisa ukuthi aphunyuke .Kubikwa ukuthi kukhona iPhoyisa thizeni elafika lamudonsela eceleni lathi lifuna ukumhloma imibuzo . Kuthiwa kusukela ngaleso sikhathi akaphindanga wabonakala futhi uTshoaeli , futhi akekho owaziyo ukuthi wagcina eshonephi. Igama lalelo Phoyisa belingakadalulwa okwamanje.  Kanti uKhomishana wamaPhoyisa eNorth West usekhiphe iSitatimende esithi bonke abathinteka ekuphunyukeni kukaTshoaeli bazowukhomba onotshwala, bazobhekana nengalo yomthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *