EzikaBenni MacCarthy zizodlala neGambia kanye neGabon

Njengoba seliqalile iKhefu leFIFA kusasa iqembu lesizwe laseKenya elaziwa kakhulu ngokuthi yiHarambe Stars lizozwana amandla neqembu lesizwe laseGambia emdlaweni wokuhlungela iWorld Cup yangonyaka ka2026 ezoba seCananda,eMelika kanye naseMexico.IHarambe Stars isanda kuqasha uBenni MacCarthy njengoMqeqeshi walo omusha.Kanti naye usevele usewuqalile umsebenzi futhi useke waphawula ngalo msebenzi wakhe omusha wathi konke kuhamba kahle kakhulu.UBenni uzosebenzisana nezinye izizalwane zakuleli oMoeneeb Josephs ozocija oNozinti,uVasili Manousakis zoba yisekela likaBenni kanye noPilela Maposa uzoba uMhlaziyi wamaVidiyo emidlalo.IHarambe Stars isendaweni yesine eqoqweni  uF okuyiqoqo lamazwe ayisithupha(6).Inamaphuzu ayisihlanu(5) emidlalweni emine.Izwe laseIvory Coast yilona eliqwakele phezulu kuleli qoqo,linamaphuzu ayishumi(10)emidlalweni emine.IHarambe Stars isithelekile eGambia lapho ezozwana khona amandla neqembu lesizwe lakhona eGambia kusasa emini.Izothi uma isuka eGambia iphikelele ekhaya eKenya iyolungisela umdlalo wayo wangeSonto neGabon.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *