USipho Mbule usewuMagebhula

Iqembu lebhola laseSoweto iOrlando Pirates FC limangaze abaningi namuhla emini ngenkathi limemezela uSipho Mbule(27)njengomdlali walo omusha.Bekukuningi ukuqagela ngalo mdlali omuhle kakhulu esiswini,abanye bebemkhomba kwiKaizer Chiefs FC.USipho Mbule muhle kakhulu esiswini unekhono elihle lokukhanda amaGoli,muhle futhi nasekuphaseni ibhola.Ibhola lakhe liya ngqo lapho asuke efuna ukuthi liye khona.Kuyileso sizathu-ke lo mdlali edume kakhulu ngelikaMaster Chef okuyigama lesiNgisi elichaza uMpheki,umuntu oneziqu zokupheka.UMbule ubedlalela iqembu leMamelodi Sundowns,ubekade ebolekiswe kwiSekhukhune United FC ngeSizini edlule nokho akasakwazanga ukuqeda isikhathi sakhe sokwebolekiswa(loan) ngenxa yezinkinga zamaMbawu.Lo mdlali useke wadlalela neqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.Iqembu leziMnyama belisanda kumezela uAbdeslam Ouaddou(46)ongokudabuka kwelaseMorocco njengoMqeqeshi walo omusha.UOuaddou wake wacashunwa kwezinye zezingxoxo zakhe ethi uyafisa ukusebenza noMbule ngenxa yekhono lakhe lokwakha amaGoli.Lokho wakusho ngenkathi esacija iMarumo Gallants.Kusho ukuthi uCilo usevele wazishaya endukwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *