Esivuke ngazo namuhla zithi umgadli weqembu le Mamelodi Sundowns FC uLucas Costa Ribeiro(26)cela ukuthi iqembu lakhe limkhulule kwinkonteleka yakhe eyophela ngo2028 ukuze awelele emadlelweni aluhlaza.Izimpukane eziluhlaza zithi lo mdlali ufunwa uthuli yiqembu laseQatar iQatar SC elike ladlalelwa uPercy Tau ngenkathi esuka eGibhithe.Lo mdlali ufike wenza ezibukwayo ngenkathi kudlalwa iFIFA Club World Cup nokuyilapho leli qembu limbone khona.Uma kuwukuthi inkontileka yakhe iyanqanyulwa ngempela kuyodingeka ukuba lo mdlali akhokhele iDowns imali ethile yokunqanyulwa kwenkontileka kwazise kusasele iminyaka emibili kuyona.ISundowns ibisisikhiphile istatimende.Ize ingazange ibalule amagama abadlali iDowns ikuvezile estatimendeni sayo ukuthi kunabadlali abafunwa uthuli ngamaqembu angoNgxiwankulu nokho bekungakabikho sivumelwano mayelana nokuthengwa kwalabo badlali.Ithi isazoqhubeka yamukela izicelo(offers)ezivela kwamanye amaqembu afuna abadlali bayo.Ngokusho kwabezindaba kuthiwa uCosta ubesevumelene naleli qembu iQatar SC,sebevumelene ngalokhu okuthiwa amaPersonal terms.UCosta uneminyaka emibili egijima kuBafana baStyle.
Ucela indlela uRibeiro