Kusacwebe iziziba eNaturena mayelana nokukhonjwa indlela koMqeqeshi waleli qembu uNasreddine Nabi njengoba izolo silale ngezithi uNabi ukhonjwe indlela yileli qembu.Bekulindeleke ukuba iChiefs ikhiphe isitatimende mayelana nokugqabuka kwegoda phakathi kwayo noNabi,kodwa kuze kube manje bekusathulekile.Kanti ngakolunye uhlangothi ngenkathi uNabi ebuzwa yizintatheli mayelana nalolu daba ukuqinisekisile ukuthi impela useshiyile kuleli qembu,uqhube wathi maduze amabombo uzowasingisa ngasekhaya eTunisia ukuze ayoba kanye nomkakhe osanda kubandakanyeka engozini yemoto.Ngokusho kukaNabi uthi yena nabaphithi beChiefs bahlale phansi babhunga,bagcina bevumelane ngokuthi kuhlukwane.UNabi uphinde waveza nokuthi kunenqwaba yamaqembu akwelaArabhu kanye nawasenyakatho yeAfrika amfuna ngabomvu kodwa yena ubesafuna ukuthatha ikhefu elifushane ukuze anakekele umkakhe osalimele.Uthi elinye lalawo maqembu elangakubo eTunisa i-Etoile Sportive du Sahel.Kanti izolo kuke kwavela izindaba ezithi uNabi uxoshelwe ukuthi akanawo amaphepha amgunyaza ukuthi acije iqembu elidlala emqhudelwaneni weCaf njengoba iChiefs nayo ikuwo loMqhudelwano.Kodwa lokho kubuye kumangaze ngoba eminyekeni edlule uNabi wake wacija iYanga FC yaseTanzania emqhudelwaneni ofanayo,kanti futhi uneUEFA Pro Licence okuyincwadi engaphezu kwazo zonke izincwadi zaseEurope zokuqeqesha.
Silindwe ngabomvu isitatimende seKaizer Chiefs mayelana nokuxoshwa kukaNabi