Uboshelwe izidakamizwa owake wadlela iChiefs

AmaPhoyisa aseZimbabwe amemezele ukuthi abophe uBrian Abbas Amidu(35)kanye nomngane wakhe uReuben Kudzai Mhlanga(41)ababanjwe belayishe insangu engamaKhilo ayi750  emotweni yohlobo lweHonda Shuttle,inombolo ethi -AGP 6776.Kuthiwa le nsango ingabiza imali ewu$75 000 wamadola aseMelika.Lokhu kwenzeke ngomhlaka 3 kuMfumfu(Okthoba)emgwaqeni osuka edolobheni laseKwekwe uya edolobheni laseKadoma.Zombili lezi nsizwa zake zaba abadlali bebhola ngaphambili.UAmidu wake wadlalela iKaizer Chiefs ngonyaka ka 2012 kuya ku2015, kanti uMhlanga yena wayegijima kwiDynamos FC yakhona eZimbabwe.Okubuye kwamangaza kulolu daba wukuthi amaPhoyisa aseZimbabwe abike ukuthi uAmidu uneminyaka eyi29,kodwa empeleni una35 ngokweminyaka yakhe ayethulela iChiefs mhla esayinwa ngo2012.UAmidu wabuye wagijima nakwiCaps United yakhona eZimbabwe ngonyaka ka 2016.Laba ababili bebengakaveli enkantolo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *