Ivelile enkantolo yaseRoodepooort indoda yaseSoweto eneminyaka eyi56 eyaboshelwa icala lokudlwengula ingane eneminyaka eyi12.Le ndoda kuthiwa ingomunye wabaholi bebandla elidumile endaweni yaseDobsonville khona eSoweto.Kuthiwa yadlwengula le ngane ngempelasonto yePhasika.Namuhla bekuwusuku lwayo lokufaka isicelo seBheyili kodwa yalilaxaza ithuba layo lokufaka isicelo seBheyili.Igama lale ndoda uTsepo Ntsimane.Icala layo lihlehliselwe umhlaka Meyi.Umbuso uveze ukuthi kunobufakaze ubuqukethwe yiVido umbuso osabucubungula,kanti nobufakazi bukaFakazi nabo busacubungulwa.