Ukhonjwa eBelgium uMofokeng

Umdlali weqembu le Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng ukhonjwa eqenjini laseBelgium iUnion Saint-Gilloise elalala isibili kwiLigi yakhona ebizwa ngokuthi iBelgian Pro League.Kubikwa ukuthi leli qembu kade kwasa limgaqele uMofokeng,kuthiwa belilokhu limqaphe ngeloKhozi.Njengoba leli qembu lalala isibili kwiLigi yaseBelgium, lokhu kusho ukuthi ngeSizini ezayo lizodlala kwiUEFA Champions League.Lokhu kuchaza ukuthi uMofokeng kungenzeka agudlane amahlombe nabadlali bamaqembu afana noManchester City,Arsenal,Real Madrid kanye nabanye.Kule Ligi yaseBelgium kukhona nomunye umdlali wakuleli u Shandre Campbell odlalela iClub Brugge,uCampbell wake wagijima kwiSupersport United.Ngokusho kwePhephandaba laseBelgium iNieuwsblad kuthiwa izingxoxo phakathi kweOrlando Pirates kanye neSaint-Gilloise mayelana noMofokeng sezikuVothondaba impela.UMofokeng ushisa bhe,akazibekile impela phansi.Lo mdlali oneminyaka eyi 21 ngeSizini edlule uvalele amaGoalie ayi11 kwiOrlando Pirates,emidlalweni eyi 36.Kanti naseMqhudelwaneni weNdebe yomhlaba wenze kahle kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *