Useboshiwe uJames Mohajane obekubikwe ukuthi ubulale abantu abathathu izolo esifundazweni saseNorth West.Kuthiwa izolo lo msolwa ubonakale ezihlalele nabanye abantu okuyintombi yakhe uMoipane Lefoka,udadewabo wentombi yakhe uEster Lefoka kanye noMfumbesi(isoka lentombi kamsolwa)kamsolwa uTshepo Molekwa.Kuthe ngemuva kwesikhathi laba abathathu batholakala sebebulewe khona kuleyo ndawo abebekade behleli kuyo,kuthiwa bekukhona neSpade eduze kwezidumbu zabo(uhlobo lweFosholo)okusolakala ukuthi babulawe ngaso.UMohajane yena ubengasabonwa nangonwele,ubesecele empunzini.Kube-ke sekubikwelwa amaPhoyisa abe esephuma inqina yokuzingela uMohajane.Kuthiwa namuhla ekuseni noMphakathi nawo uvuke waphuma inqina yokuthungatha umsolwa,wamthola endaweni yaseMoeka Vuma khona eNorth West.UMphakathi ube usumethula emaPhoyiseni kwaba wukuboshwa kwakhe umsolwa.
Khumu!