IMeya yaseThekwini uBaba uCyril Xaba uthi kubantu bokufika abasuswe aDiakonia kutholakale umuntu oyedwa vo ongenazo izincwadi ezimgunyaza ukuba abe kuleli.Laba bantu bokufika basuka ezindaweni abahlala kuzo eziseThekwini bebalekela ulaka lwabakuleli bayobhaca eSteshi samaPhoyisa iDurban Central.Bagcina besusiwe eSteshi samaPhoyisa bayiswa eDiakonia Centre.Nakhona eDiakonia Centre basusiwe namuhla bayiswa endaweni yakwaNdabazabantu ebheka abafuduki i-The Durban Refugee Reception Office (DRRO) .Laba bantu basuswa ulaka lwabakuleli ezindaweni abahlala kuzona,ababethi abafuni kubabona.UNdabazabantu kuthiwa uhlole zonke izincwadi zalaba bantu okuthiwa bayi-300,kwatholakala ukuthi bonke izincwadi zabo ziqondile,ngaphandle koyedwa vo okutholakale ukuthi ukuleli ngokungemthetho.Kuthiwa lowo muntu useboshiwe,uzothonyelwa kwelakubo maduze.Ngokusho kwabezindaba kuthiwa kulo 299 bakhona ikhona ingxenye esiphindele eDiakonia.Kanti kukhona nenye ingxenye esasele ngaseSikhungwini sakwaNdabazabantu.Kulaba bantu bokufika kukhona abaseBurundi,abaseDRC kanye baseEthopia.
Uyedwa owokufika ongenazo izincwadi kwabasuswe eDiakonia Centre