Zishiye abaningi bekhexile izindaba zokuboshwa komlandeli weqembu leKaizer Chiefs uMlindelwa Tyekana odume kakhulu ngelikaMan B.Lo mbhemu obuye abe wumculi osafufusa kuthiwa wadubula walimaza kabi uSilingile Maglass umfana oneminyaka eyi16 endaweni yaKuGompo esifundazweni saseMpumalanga Koloni.Kuthiwa lo mfana olwela impilo yakhe esibhedlela.Ngokusho kwabazibonela bathi isisulu sasikha izithelo zamaGwava sikanye nabangane baso abathathu endaweni okukholelwa ukuthi ingeyakhe uMan B.Kuthiwa labafana bathi uma bebona uMan B eza ngakubona babaleka kanti uzothatha imoto abahubhe ngayo.Kuthiwa wathi uma ebathola wadubula uSilungile Maglass oneminyaka eyi-16 ,walimala kanzima.Lesi sigameko senzeka ngoLwesihlanu mhlaka 15.NgoMsombuluko wayizolo uMan B ubevele enkantolo lapho iMantshi ichithe khona isicelo sakhe sebheyili.
Isimanga kuboshwa umlandeli omkhulu weKaizer Chiefs ngelokuzama ukubulala